Inkundla Yabantu Radio
By Igunundu Agency
Inkundla Yabantu Radio Jan 10, 2020
Umkhuba wokulwa ngezinhlaka zikahulumeni
.
Ubuwula bokubela abantu abangenamakhono ezikhundleni
.
Ubumpofu - Ukuhlupheka
.
UKHUVETHE NEPOLITIKI YEZOMNOTHO
Kuleli binza ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho, uMtaka uthi uKhuvethe ( COVID-19) akuselona udaba lwezempilo kepha sokungelwepolitiki yomnotho.
Aphi aMakhosi: Ngaphansi kwedemokhrasi ngubani ovikela amasiko aboHlanga ?
Kuleli binza ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho, uMtaka ubuza ukuthi aphi amaKhosi njengoba kunukubezwa amasiko aboHlanga nsukuzaphuma.
Ayikhonkothi nethambo, abaholi base Afrika ngeke bayisole iChina
Kuleli binza ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho uMtaka uthi ukucwaswa okubikwa eChina ngeke kulandelelwe ngoba abaholi namazwe aseAfrika ondliwa yiChina.
Isakhamuzi nomlandeli 2
Kuleli binza uMtaka umile ekutheni okuyosinqobela icoronavirus yisimomqondo sokuba yisakhamuzi hayi ukuba ngumlandeli
Amalungelo emiphakathi yasemakhaya, ngaphansi kwezindawo zoBukhosi
Kule ngosi lalela inkulumongxoxo phakathi kukaMtaka, uMehluleli uNgwenya we-Ingonyama Trust Board kanye noNdlunkulu waseMatheni. .
Ipolitiki yamanzi nobubha ngezikhathi zeCoronavirus
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka ubheka usizi lwaboHlanga ngezikhathi zomkhuhlane i-coronavirus.
Inkinga yobuholi kwaNgqondonkulu
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka ubheka lokhu akubiza kokuswelakala kobuholi ezikhungweni zemfumdo ephakeme nathi kuholela ezinkingeni ezikhona namuhla.
Ubungozi bokubhalelwa nokuhlanekezelwa komlando wepolitiki
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMsihicileli weBayede, uMnu uMtaka uhlaziya ubungozi bokubhalelwa nokuhlanekezelwa komlando wepolitiki yezwe.
INingizimu Afrika kungqingetshe kwisimomnotho
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho kanye noMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya isimomnotho seNingizimu Afrika nayilapho ethi umkhoto ubhajwe enxebeni.
Idlagusha elingu De Klerk alilodwa ekucwaseni aboHlanga
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya inkulumo yaloyo owayenguMengameli wokugcina wombuso wobandlululo.
Inkulumo kaRamaphosa yemigubho yokubunjwa kukaKhongolose
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uthi okushiwo nguRamaphosa akukusha, okukhulu ngazokusho kwinkulumongqangi ngoNhlolanja.
UMaimane usephenduke iqaqa kwabo, abaDeshi bafuna ibhatshi labo
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya udaba oluthinta umholi weqembu elikhulu kwaphikisayo, iDemocratic Alliance (DA) nachaza ukuthi kungani esephenduke iqaqa eqenjini kulandela imibiko yenkohlakalo. UMtaka uthi elenkohlakalo abantu badida imibala nje , iqiniso lithi abanikazi bebhatshi bafuna into yabo.
INingizimu Afrika ayinganyanyalati ngenkinga yabanye bokufika
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya udaba oluthinta udlame phakathi kwabokufika nabaseNingizimu Afrika. Usola uhulumeni ngokunyanyalata naxwayisa ukuthi yikho okuzoshisa izwe.
Umswane wembabala awungeni ekhaya futhi kwipolitiki kayikhonkothi nethambo
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya udaba oluthinta ukuxhaswa kwamaqembu epolitiki . Wexwayisa ngezipheko amaqembu anikwa ngabathile nababuye babuye ngasese bezofuna amavenge.
INkatha ngale koMntwana
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya udaba oluthinta iqembu Inkatha Freedom Party ( IFP) . Lapha uMtaka uhlaziya inkulumo yoMntwana yokugcina njengomholi weqembu aphinde abheke umholi omusha uMnu uHlabisa.
Inselelo yobuholi obusha koMasipala iTheku noMsunduzi
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya isinqumo seqembu elibusayo lokuguqula ubuholi eThekwini naseMsunduzi
Umkhankaso i-CR17 nesipheko esesidale ukukhuluma
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya udaba oluthinta izimali ezibe ngumnikelo kumkhankaso kaMengameli uRamaphosa nowaziwa nge-CR17. Lolu daba seluphenduke umdonsiswano wepolitiki ngaphakathi nangaphandle kweqembu elibusayo.
Abezindaba bayiqhatha ngesinqe ne-ANC indonda ukuthatha isinqumo
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya udaba lokuzazelana phakathi kukaMengameli uRamaphosa, uMvikeli WoMphakathi, obeyiMeya yeTheku noKhongolose kwaZulu-Natal. Odabeni lokuqala usola abezindaba ngokuyiqhatha ngesinqe , olwesibili wexwayisa uKhongolose ngengozi yokundonda ukuthatha isinqumo.
Ukuhlaselwa kwamaphoyisa ngabokufika kungacijisa imikhonto ezweni
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya udaba lokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwamaphoyisa nosomabhizinisi bokufika eGoli. UMtaka uxwayisa ngokucija kwemikhonto okungahle kuqubule umlilo wodlame nokusolana.
Ubungozi bokuthelana godaka kweHhovisi lobuMengameli neloMvikeli WoMphakatahi
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya udaba oluthinta uMvikeli WoMphakathi no Mengameli wezwe. UMtaka wexwayisa ngobungosi bokuthelana ngodaka nathi kungase kuthunaze isithunzi salamahhovisi womabili namqoka ngokwesimiso sezwe.
Isethulo sikaZuma kwiKhomishini asisho lutho, kusase kuseni
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya ukuvela kukaMnu uZuma kwikhomishini ebheka izinsolo zokugwamandwa kombuso . Lapha wexwayisa umphakathi ukuthi kusase kuseni ukuthi sekukhona ongathatha isinqumo ngesethulo sikaZuma. Kusazoba nabanye ofakazi nabazophikisana noma bamcele iqhude ngesethulo sakhe.
Izizathu zokuya kukaMsholozi kwiKhomishini kaZondo
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya okungaba yizizathu ezenze uZuma wavuma isimemo sokuyokwenza isethulo kwiKhomishini ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso.
Ubumqoka besiShayamthetho nokuxhomondela kukaMzizi
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka ubheka ubumqoka kwesiShayamthetho kwisimiso sepolitiki yakuleli . Khona lapho uhlaziya ukuphawula kukaMnu uThabo Mbeki nathi yize enelungelo lokuphawula kepha kuhle agweme ukuba yiqhude ukuzibeka nokuxhomondela.
Amaqembu aphikisayo ayisithako esimqoka kepha awamele ukuphiksa konke
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho nonguMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka uhlaziya indima yamaqembu aphikisayo esiShayamthetho nathi amqoka ekuqhamukeni nokwehlukile. Khona lapho uthi ukudalwa kwawo kwabe kungekhona ukuphikisa konke okushiwo yiqembu elibusayo.
20 May 19
20 May 19
13 May 19
13 May 19
6 May 19
6 May 19
15 April 19
15 April 19
UMehluleli uZondo akasivikele kubafarisi nabasakabuli
UMehluleli uZondo akasivikele kubafarisi nabasakabuli
Izibalo zakamuva zezinga lempilo labohlanga zichazani kithina nohulumeni
Izibalo zakamuva zezinga lempilo labohlanga zichazani kithina nohulumeni
Siyaphi isifundazwe iKwaZulu-Natal?
Kulesi siqephu ungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho noMshicileli weBayede, uMnu uNhlanhla Mtaka ubheka ukuqokwa kukaMnu uSihle Zikalala njengoNdunankulu wakwaZulu-Natal.